Le mvume eyalawo malungu asendlini acabanga ukuthi azi kakhulu ngokwasendlini namalungu akhona. Kufanele ube owesilisa kumbe wesifazane ominyaka yobudala ingu- 18 noma ngaphezulu, kanti ke uzomenywa ukuba ubambe iqhaza kule ngxenye yocwaningo. Uzonikezwa ikhophi yeFomu eligcwele lemvume eyazisekile.
Uhlonzwe njengomazisi onolwazi kakhulu kunabanye basekhaya lakho ngakho ke umkhandlu i Human Sciences Research Council ingathanda ukuxoxisana nawe njengengxenye yalolu cwaningo ngezempilo nokuguga. Lokho kuzokwenziwa ababuzi mibuzo abangongoti [njengami] ababuya kumkhandlu wocwaningo i- Human Sciences Research Council. Lolu cwaningo kumanjena nje luqhubeka ezweni lonke nakwamanye amazwe ayidlanzana. Wamukelekile ukuba ukhulume nombuzi mibuzo [mina], owengamele ucwaningo, uMcwaningi omKhulu nanoma ubani omunye ofisa ukukhuluma naye ngalolu cwaningo lapho usufuna ukuthabatha isinqumo mayelana nokuthi uzolibamba iqhaza noma cha.
Umbuzi mibuzo [mina] uzokuhlinzeka ngemininingwane ethize ephathelene nalolu cwaningo - kanti ingambandakanya amanye amagama, imishwana kumbe imiqondo ongayiqondisisi. Uma kwenzeka lokhu, khululeka ubuze imibuzo noma inini, sizokube sesizinika ithuba lokukuphendula.
Izinhlamvu zokuqala zamagama oPhendulayo:...
Imininingwane oyihlinzekayo kulolu cwaningo izosetshenziselwa ukuba kuqondwe kangcono okusemoqka okuthinta impilo yabantu -ikakhulukazi impilo kanye nehlalakahle yabadala asebekhulile. Imininingwane oyihlinzekayo iyimfihlo kanti ngeke yembulelwa noma ubani. Izosetshenziselwa kuphela izinhloso zocwaningo nokuhlela. Igama lakho, ikheli, neminye imininingwane yakho kuzosuswa kwiphepha mibuzo, bese kusetshenziselwa ikhodi kuphela ukuxhumanisa igama lakho nezimpendulo ngaphandle kokukhipha ukuthi ungubani.
Ukubamba kwakho iqhaza kule ngxenye yocwaningo kuzombandakanya ukuphendula imibuzo ephathelene nekhaya lakho kanye namalungu ekhaya lakho. Ukubuzwa mayelana nekhaya kuzothatha cisho imizuzu engu 30.
Nemininingwane ephathelene nokufa kwamalungu omndeni wakho ezinyangeni ezingu 24 ezedlule. Mayelana nalawo malungu omndeni wakho asedlulile emhlabeni eminyakeni emibili eyedlule, ithimba locwaningo licela imvume yakho ukuba liye koqoqa imininingwane kumarekhodi akhe okwelashwa ukze kuhtolakale ubudala nesizathu eziyimbangela yokufa kwakhe.
Kungenzeka kungabi nanzuzo eza kuwena ngqo, kepha ukubamba kwakho iqhaza kuzocishe kusisize ekuthenini siqonde kangcono ngokuguquka kwempilo yabantu uma beya ngokuba badala - kanjalo nonakekelo mpilo nosekelo lwasemphakathini oluye ludingwe abantu ukuze banakekele isimo sempilo yabo emphakathini wangakini. Sizokuba nemihlangano nabaholi bomphakathi lapho esizokethula khona imiphumela yocwaningo isifingqiwe. Emveni kwale mihlangano, imiphumela izoshicilelwa ukuze nabanye abantu abafisa ukwazi bakwazi ukufunda kulolu cwaningo.
IThimba loCwaningo lingahle lithintane nawe futhi uma kunesidingo ukuze kuphothulwe imininingwane ephathelene nocwaningo kumbe ukuqoqa imininingwane eyengeziwe ngesikhathi esizayo. Uma sikhona isidingo salokhu, kokwenzeka ezinsukwini ezingu 14 ezizayo.
Lolu cwaningo luzoqhubeka isithuba esiyiminyakana impela kanti sizobuya kule ndawo cisho esikhathini esingangeminyaka emibili. Sizozama ukuthintana nalo muzi futhi, sibuye sifise ukukhuluma nawe futhi. Lokhu okokukwazisa nje kasiceli sivumelwano sakho kulokhu.
Ukusayinda Le mvume kukhombisa ukuthi uyaqonda ukuthi yini ezolindeleka kuwe futhi uzimisele ukubamba iqhaza kulolu cwaningo. Kawuphoqekile ukuzimbandakanya kulolu cwaningo uma ungafisi ukwenze njalo. Unakho futhi ukuhoxa kucwaningo nganoma yisiphi isikhathi oyosikhetha. Zizwe ukhululekile ukubuza imibuzo noma inini. Uma ufisa ukubuza imibuzo kamuva, ungathintana nanoma yimuphi kulaba abalandelayo: USolwazi Nancy Phaswana-Mafuya (Ucingo: 021- 4667914), USolwazi Karl Peltzer (Ucingo: 012-3022000) noma u- Margie Schneider (Ucingo: 012-3022000) wakwa- Human Sciences Research Council.
Izinhlamvu zokuqala zamagama oPhendulayo:...
Ngimenyelwe ukubamba iqhaza kucwaningo olumayelana nezempilo nokukhula. Ngiyaqonda ukuthi lokhu kuzombandakanya ukuphendula imibuzo eyidlanzana mayelana nekhaya lami kanye namalungu ekhaya lami. Ngiyazi ukuthi ngingahle ngingabi nazinzuzo ngqo nanokuthi angizukhokhelwa. Nginikezwe igama lelungu lakwa - Human Sciences Research Council nelethimba locwaningi enginokuthintana nalo kalula ngisebenzisa inombolo nekheli lakhe enganikezwa kona.
Ngiyifundile imininingwane ekuleli fomu lemvume, kumbe ngiyifundelwe. Ngilitholile ithuba lokubuza imibuzo mayelana nalo kanti noma imiphi imibuzo engiyibuzile iphendulwe ngenela. Ngivuma ngokokuzikhethela ukubamba iqhaza njengomhlinzeki lwazi kulolu cwaningo futhi ngiyaqonda ukuthi nginelungelo lokuhoxa noma inini ocwaningweni.
Kubahlinzeki lwazi abangafundile: Kufanele basayindelwe ufakazi okwaziyo ukufunda nokubhala (uma kwenzeka, lo muntu kufanele aqokwe uye umhlinzeki lwazi futhi kufanele kungabikho okumxhumanisa nethimba locwaningo). Thani umhlinzeki lwazi afake u"X" ebhokisini elingezansi.
Ngizibonele ngokwami efundelwa ngokucophelela ifomu lemvume ongase azimbandakanye, kanti yena uye waba nalo ithuba lokubuza imibuzo. Ngiyaqinisekisa ukuthi lo muntu uyinikeze ngokuzikhethela imvume.
Ngilifundisisile kumbe ngazibonela ngokwami efundelwa ngokucophelela ifomu lemvume lo ongase abe umhlizeki lwazi, kanti yena uye waba nalo ithuba lokubuza imibuzo. Ngiyaqinisekisa ukuthi lo muntu uyinikeze ngokuzikhethela imvume.
Umbuzi mibuzo: Usuku: ... / ... /...
Q0453. Kungabe ifomu lemvume elimayelana nokwasekhaya Lamukelwe futhi lasayindwa / Lamukelwe kodwa lasayindwa ufakazi kumbe liNqatshiwe?
Le mvume eyomphenduli mibuzo oyedwa ekhaya eliqokiwe. Uma uminyaka yobudala ingu 18 kuya ku 49 sikukhethe ngaphandle kwemibandela kumalungu omndeni nawo abaenthuba elilinganayo lokukhethwa, kanti siyakumema ukuba ubambe iqhaza kulolu cwaningo. Uma uminyaka yobudala ingu 50 nangaphezulu, sifisa ukumema wena nabanye abantu abakule ndlu enintanganye nabo ukuba nibambe iqhaza kulolu cwaningo.
Uqokelwe ukuba yingxenye yalolu cwaningo ngezempilo nokuguga, kungakho nje singathanda ukuxoxisana nawe. Imininingwane elandelayo izochaza inhloso yocwaningo, ukuthi yini ozocelwa ukuba uyenze, kanjalo nobucayi nenzinzuzo ongazilindela. Izobuye ikuchazele ukuthi kawuphoqekile ukuba kulolu cwaningo. Kufanele ubuze imibuzo ngaphambi kokunquma noma uyafisa ukubamba iqhaza, kumbe noma ngasiphi isikhathi kuqhubeka uhlelo mibuzo.
I- Human Sciences Research Council ingathanda ukuxoxisana nawe njengengxenye yalolu cwaningo ngezempilo nokuguga. Lokho kuzokwenziwa ababuzi mibuzo abangongoti [njengami] ababuya kumkhandlu wocwaningo i- Human Sciences Research Council. Lolu cwaningo kumanjena nje luqhubeka ezweni lonke nakwamanye amazwe ayidlanzana. Wamukelekile ukuba ukhulume nombuzi mibuzo [oyimina], owengamele ucwaningo, onguMcwaningi omKhulu nanoma ubani omunye ofisa ukukhuluma naye ngalolu cwaningo lapho usufuna ukuthabatha isinqumo mayelana nokuthi uzolibamba iqhaza noma cha.
Izinhlamvu zokuqala zamagama oPhendulayo...
Umbuzi mibuzo [oyimina] uzokuhlinzeka ngemininingwane ethize ephathelene nalolu cwaningo - kanti ingambandakanya amanye amagama, imishwana kumbe imiqondo ongayiqondisisi. Uma kwenzeka lokhu, khululeka ubuze imibuzo noma inini, sizokube sesizinika ithuba lokukuphendula.
Uma uvuma ukuba kulolu cwaningo, imininingwane oyihlinzekayo izosetshenziselwa ukuba kuqondakale kangcono okusemqoka okuphathelene nezempilo emphakathini nasezweni lakini - ikakhulukazi impilo kanye nenhlalakahle yabadala asebekhulile. Izohlinzeka uhulumeni ngolwazi oludingakalayo ukuze kwenziwe ngcono izinzuzo nezinhlelo zezempilo nezomphakathi. Lolu cwaningo aluzuba yinzuzo ngqo kuwena.
Ukubamba kwakho iqhaza kulolu cwaningo kuzombandakanya ukuphendula imibuzo mayelana nawe, kumbandakanya impilo nenhlalakahle yakho, isimo sakho senhlalo, isimo sakho kwezomnotho nakwezomphakathi, kanjalo nokusebenzisa kwakho izinsiza zonakekelo mpilo. Sizoqoqa kuphela iminingwane edingekela ucwaningo.
Le ngxenye yohlelo mibuzo izothatha cisho imizuzu engu 90.
nemidanti eqondene nekhaya nawe, nomlandu wakho wokusebenza kanye nesimo sakho sezomnotho, nezempilo zakho kanye nomshikashika wakho maqondana nokuthola unakekelo mpilo kungekudala nje, nemibono yakho mayelana nenhlalakahle yakho kanjalo nezinga lempilo.
Siyakumema futhi ukubamba iqhaza ekuhlolweni kokucwaningisisa ukuphefumula kwakho, ukubona, amandla, ukunyakaza nokukhumbula. Sizobheka umgudu wegazi, ubude, isisindo kanye nebanga eliphakathi nengxenye emaphakathi yomzimba wakho nedanda. Kuzosetshenziswa elinye ifomu lemvume ukumema ukuba uhlinzeke isampula elincane nje legazi, uma sesifinyelela kuleyo ngxenye yocwaningo.
Eminye yemibuzo ozokuyibuzwa iphathelene nawe ngqo kanti ingakubangela amahloni kumbe ukuxineka. Ungacela ukuyibona imibuzo ngaphambi kokuthatha isinqumo sokuthi uzokulibamba iqhaza kulolu cwaningo noma cha.
Imininingwane oyihlinzekayo iyimfihlo futhi ingasese kanti ngeke yembulelwa noma ubani. Izosetshenziselwa kuphela izinhloso zocwaningo nokuhlela. Igama lakho, ikheli, neminye imininingwane yakho kuzosuswa kwiphepha mibuzo, kanti kuzosetshenziswa amakhodi kuphela ukuxhumanisa igama lakho nezimpendulo zakho ngaphandle kokukuveza ukuthi ungubani.
IThimba loCwaningo lingahle lithintane nawe futhi uma kunesidingo ukuze kuphothulwe Imininingwane bocwaningo kumbe ukuqoqa imininingwane eyengeziwe ngesikhathi esizayo. Uma sikhona isidingo salokhu, kokwenzeka ezinsukwini ezingu 14 ezizayo.
Lolu cwaningo luzoqhubeka isithuba esiyiminyakana impela kanti sizobuya kule ndawo cisho esikhathini esingangeminyaka emibili. Sizozama ukuthintana naleli khaya futhi, sibuye sifise nokukhuluma nawe futhi. Lokhu okokukwazisa nje kasiceli sivumelwano sakho kulokhu kulokhu.
Izinhlamvu zokuqala zamagama oPhendulayo...
Ukusayinda le mvume kukhombisa ukuthi uyaqonda ukuthi yini ezolindeleka kuwe futhi uzimisele ukubamba iqhaza kulolu cwaningo. Kawuphoqekile ukuzimbandakanya kulolu cwaningo uma ungafisi ukwenze njalo. Unakho futhi ukuhoxa kucwaningo nganoma yisiphi isikhathi oyosikhetha. Zizwe ukhululekile ukubuza imibuzo noma inini. Uma ufisa ukubuza imibuzo kamuva, ungathintana nanoma yimuphi kulaba abalandelayo: uSolwazi Nancy Phaswana-Mafuya (Ucingo: 021- 4667914), uSolwazi Karl Peltzer (Ucingo: 012-3022000) noma uMargie Schneider (Ucingo: 012-3022000) wakwa- Human Sciences Research Council.
Izinhlamvu zokuqala zamagama oPhendulayo...
Ngiyifundile imininingwane ekuleli fomu lemvume, kumbe ngiyifundelwe. Ngilitholile ithuba lokubuza imibuzo, kanti noma imiphi imibuzo engiyibuzile iphendulwe ngenela. Ngivuma ngokokuzikhethela ukubamba iqhaza as a ophendulayo kulolu cwaningo futhi ngiyaqonda ukuthi nginelungelo lokuhoxa noma inini ocwaningweni.
Ngizibonele ngokwami efundelwa ngokucophelela ifomu lemvume to the potential ophendulayo, kanti yena uye waba nalo ithuba lokubuza imibuzo. Ngiyaqinisekisa ukuthi lo muntu uyinikeze ngokuzikhethela imvume.
Ngilifundisisile kumbe ngazibonela ngokwami efundelwa ngokucophelela ifomu lemvume to the potential ophendulayo, kanti yena uye waba nalo ithuba lokubuza imibuzo. Ngiyaqinisekisa ukuthi lo muntu uyinikeze ngokuzikhethela imvume.
Umbuzi mibuzo: Usuku: ... / ... /...
Sicela enye imvume yakho nokugunyazwa ukuthi sithathe isampula legazi kuwe. Sizothatha igazi elincane nje emnweni. Isampula lakho legazi lizogcinwa elabhorathri kanti eminye imininingwane ngalokhu ifakwe ngezansi.
Njengengxenye yalolu cwaningo, sifuna ukukuhlolela izimpawu ongase ube nazo zokuphelelwa yigazi, isifo sikashukela, isifo senhliziyo nezinye izifo ezibucayi. Lokhu konke kuyizimo ezibucayi zempilo ezingaguqulwa kumbe zilawulwe ngosekelo lohlelo lwakho lonakekelo mpilo. Lokhu kuhlolwa akuzuthatha indawo yonakekelo mpilo lwakho olujwayelekile kumbe lubhekane nezidingo zakho zezempilo. Okunalokho, imininingwane esizoyithola egazini lakho nezimpendulo zakho kumibuzo yocwaningo kuzosiza uhulumeni ukuba athuthukise izinhlelo zokulawula elaphe lezi zimo emphakathini wakho nasezweni lakini.
Siyakumema ukuba ubambe iqhaza kule ngxenye yocwaningo. Lokhu kungambandakanya ukuthi unikele ngamaconsi egazi amahlanu kuya kwasithupha emnweni. Lokhu kuhlola kusebenzisa izinsimbi ezintsha, ezilahlwayo uma usuqedile ukuzisebenzisa, futhi ezibilisiwe zaqedwa amagciwane, futhi ziphephe ngokuphelele. Ababuzi mibuzo bocwaningo baqeqeshiwe ngendlela efanele yokuthatha igaza. Iconsi neconsi legazi lizingena ocezwini lwephepha lokuhluza. Lezi zingcezu zephepha zizokomiswa bese zisetshenziselwa ukuhlolela lezi zifo ezibalwe ngenhla. Igazi lizohlaziywa ngemishini eseqophelweni elabhorathri kuleli lengabadi.
Obunye bobucayi bokudonswa kwegazi ubuhlungu obudalwa ukungena kwenayithi esikhunjeni somunwe wakho, isiyezi, ungahle uquleke, nokungenwa amagciwane-ke, okuyinto engavamile nokho. Kufanele wenze isiqiniseko sokuthi uyigcina ihlanzekile indawo esemnweni la uhlatshwe khona okwezinsukwana ezimbalwa.
Imiphumela yokuhlolwa eyangasese futhi izogcinwa iyimfihlo. YiThimba loCwaningo kuphela elizofinyelela kwisampula lakho legazi. Isampula lakho legazi lizokuba nekhodi kuphela okuzoba iyona ezoxhumana nemininingwane yakho , hhayi igama lakho. Futhi umholi wacwaningo kuphela ozofinyelela kulekhodi exhumanisa isampula lakho legazi nawe. Akukho mininingwane yakho ezohambisana nemiphumela yokuhlolwa njengengxenye yokuhlaziywa kocwaningo. Unganquma ke noma uyafuna ukuthi zonke izixhumanisi eziphakathi mazisuswe kugunyazo oluhlinzekayo ngezansi, uma kukukhathaza ukuthi ubuwena bungase bembuleke noma ngayiphi indlela. Isampula lakho angeke lidayiswe kanti ucwaningo olungaphandle kwalolu luzodinga isigunyaziso sakho.
Izinhlamvu zokuqala zamagama oPhendulayo...
Uma unquma ukuzimbandakanya, kuzodingeka unikeze imvume yokuba kusetshenziswe leli sampula legazi ocwaningweni oluqhubekayo njengamanje. Lolu cwaningo luzoqhubeka isithuba esiyiminyakana impela kanti sizobuya kule ndawo cisho esikhathini esingangeminyaka emibili ezayo. Singahle sizame ukuthintana naleli khaya futhi, kanti singathanda ukuxoxa nawe nangaleso sikhathi. Esinye sezizathu lesi sokuthi sicele ukuligcina isampula lakho legazi kuze kuphele iminyaka emithathu. Ezinye izizathu zokuthi kugcinwe isampula lakho legazi zimbandakanya: 1 ukuqhathanisa amanye amasampula egazi esikhathi esizayo esingawathatha kuwe kuhlelo mibuzo oluzayo njengengxenye yalolu cwaningo; kanye, 2 nokusizakala ngokuphuculwa okungasae kwenziwe kuzindlela zokuhlola igazi. Sibona ukuthi onke lawa maphuzu ayizinzuzo.
Asizukulihlola zisuka amagqozo nje igazi lakho - sizokuqale siwagcine amagazi - ngenkathi sisazama indlela yokuwahlazya kahle onke amasampula ahlinzekwe abaphenduli mibuzo bocwaningo. Lizothi lingahlaziywa ke isampula lakho, futhi besingakalubeki usuku lokuwahlola, uma imiphumela yokuhlolwa kwegazi lakho kungengajwayelekile, ungoti kwezempilo okwiThimba loCwaningo uzobe eselinga ukuthinta-ke. Lowo ngoti kwezempilo-ke uzophakamisa ukuba ufune unakekelo lokulandelisa kudokotela wakho kanti uzokusiza ekubeni ufinyelele kungoti wakho wonakekelo mpilo olujwayelekile ngokukhulu ukushesha.
Ukusayinda le mvume kukhombisa ukuthi uyaqonda ukuthi yini ezolindeleka kuwe futhi uzimisele ukubamba iqhaza kule ngxenye yocwaningo.
Izinhlamvu zokuqala zamagama oPhendulayo...
Ngiyifundile imininingwane ekuleli fomu lemvume, kumbe ngiyifundelwe. Ngilitholile nethuba lokubuza imibuzo, kanti noma imiphi imibuzo engiyibuzile iphendulwe ngenela. Ngivuma ngokokuzikhethela ukubamba iqhaza njengomhlinzeki lwazi kulolu cwaningo futhi ngiyaqonda ukuthi nginelungelo lokuhoxa noma inini ocwaningweni.
Kubahlinzeki lwazi abangafundile: Kufanele basayindelwe ufakazi okwaziyo ukufunda nokubhala (uma kwenzeka, lo muntu kufanele aqokwe uye umhlinzeki lwazi futhi kufanele kungabikho okumxhumanisa nethimba locwaningo). Thani umhlinzeki lwazi afake u"X" ebhokisini elingezansi.
Ngizibonele ngokwami efundelwa ngokucophelela ifomu lemvume ongase azimbandakanye, kanti yena uye waba nalo ithuba lokubuza imibuzo. Ngiyaqinisekisa ukuthi lo muntu uyinikeze ngokuzikhethela imvume.
Ngilifundisisile kumbe ngazibonela ngokwami efundelwa ngokucophelela ifomu lemvume lo ongase abe ngomhlizeki lwazi, kanti yena uye waba nalo ithuba lokubuza imibuzo. Ngiyaqinisekisa ukuthi lo muntu uyinikeze ngokuzikhethela imvume.
Umbuzi mibuzo: Usuku: ... / ... /...
Ophendulayo wakhethwa ukuba abe yingxenye yalolu cwaningo, kepha unenkinga yokukhohlwa okungenza kube likhuni ukuba kuphothulwe uhlelo mibuzo. Impilo kanye nhlalakahle yabantu abfana no Ophendulayo isemqoka kabi kulolu cwaningo, yingakho nje sifisa ukukumema ukuba ubambe iqhaza kulolu cwaningo.
Uzonikezwa ikhophi eligcwele lemvume eyazisekile..
Ngiyaqonda ukuthi ngicelwa ukuthi nginikezele u- [faka igama lomuntu okunikezwa imvume egameni lakhe] imvume yokubabamba iqhaza kuCwaningo lomhlaba ngokuguga nempilo yabadala. Isinqumo sami sesekelwe engikholelwa ukuthi umphenduli mibuzo ubezokukhetha ngokwakhe.
Ophendulayo wakhethwa ukuba abe yingxenye yalolu cwaningo ngezempilo nokuguga kungakho nje singathanda ukumbuza imibuzo. I- Human Sciences Research Council ingathanda ukuxoxisana nawe njengebamba loMphenduli mibuzo emayelana no Ophendulayo njengengxenye yalolu cwaningo ngezempilo nokuguga. Lokho kuzokwenziwa ababuzi mibuzo abangongoti njengami ababuya kumkhandlu wocwaningo i- Human Sciences Research Council.
Imininingwane elandelayo izochaza inhloso yocwaningo, lokho wena, njengebamba loMphenduli mibuzo, ozocelwa ukuba ukwenze, kanjalo nobucayi nenzinzuzo ongazilindela. Izobuye ikuchazele ukuthi kawuphoqekile ukuba kulolu cwaningo. Siyakumema ukuba ubuze imibuzo ngaphambi kokuthatha isinqumo noma uyafisa ukuphonswa imibuzo emayelana no [Ophendulayo] noma cha, noma ubuze imibuzo noma ngasiphi isikhathi kusaqhutshwa uhlelo mibuzo.
Izinhlamvu zokuqala zamagama eBamba...
Lolu cwaningo kumanjena nje luqhubeka ezweni lonke nakwamanye amazwe ayidlanzana. Wamukelekile ukuba ukhulume nombuzi mibuzo [mina], owengamele ucwaningo, Umcwaningi omKhulu nanoma ubani omunye ofisa ukukhuluma naye ngalolu cwaningo lapho usufuna ukuthabatha isinqumo mayelana nokuthi uzolibamba iqhaza noma cha.
Uma uvuma ukubamba iqhaza kulolu cwaningo, sizokucela ukuba uphendule imibuzo mayelana nempilo ka [Ophendulayo]. Kuzothatha cisho imizuzu engu 20 ukuze kuphothulwe lokhu. Sizokubuza mayelana nesimo sokukhumbula sika [Ophendulayo], impilo kanye nezinye izimo angahke abe nazo, kanjalo namaqondana nokusebenzisa kwakhe izinsizakalo zonakekelo mpilo kungekudala nje. Imininingwane oyihlinzekayo izosetshenziselwa ukuba kuqondakale kangcono impilo kanye nenhlalakahle yabadala kusamba somphakathi kanye nokuhlinzeka uhulumeni ngolwazi oludingakalayo ukuze kwenziwe ngcono izinzuzo nezinhlelo zezempilo nezomphakathi. Lolu cwaningo aluzuba nanzuzo kumbe u-[Ophendulayo] ngqo.
Yonke imininingwane izothathwa njengengasese futhi izogcinwa iyimfihlo. Kuzofinyelela kuyona kuphela abasebenzi bocwaningo kanjalo nomuntu owengamele iThimba loCwaningo. Wena kanye no- [Ophendulayo] angeke bavezwa ubunina noma nini.
Lolu cwaningo luzoqhubeka isithuba esiyiminyakana impela kanti sizobuya kule ndawo cisho esikhathini esingangeminyaka emibili esizayo. Sizozama ukuthintana naleli khaya futhi, sibuye sifise ukukhuluma nawe futhi. Lokhu okokukwazisa nje kasiceli sivumelwano sakho kulokhu kulokhu.
Ukusayinda Le mvume kukhombisa ukuthi uyaqonda ukuthi yini ezolindeleka kuwe futhi uzimisele ukubamba iqhaza kulolu cwaningo. Kawuphoqekile ukuzimbandakanya kulolu cwaningo uma ungafisi ukwenze njalo. Unakho futhi ukuhoxa kucwaningo nganoma yisiphi isikhathi oyosikhetha. Zizwe ukhululekile ukubuza imibuzo noma inini. Uma ufisa ukubuza imibuzo kamuva, ungathintana nanoma yimuphi kulaba abalandelayo: USolwazi Nancy Phaswana-Mafuya (Ucingo: 021- 4667914), USolwazi Karl Peltzer (Ucingo: 012-3022000) noma uMargie Schneider (Ucingo: 012-3022000) wakwa- Human Sciences Research Council.
Izinhlamvu zokuqala zamagama oPhendulayo...
Ngiyifundile imininingwane ekuleli fomu lemvume, kumbe ngiyifundelwe. Ngilitholile ithuba lokubuza imibuzo, kanti noma imiphi imibuzo engiyibuzile iphendulwe ngenela. Ngivuma ngokokuzikhethela ukubamba iqhaza njengomhlinzeki lwazi kulolu cwaningo futhi ngiyaqonda ukuthi nginelungelo lokuhoxa noma inini ocwaningweni.
Ubudlelwano bebamba loMphenduli mibuzo naye ophendulayo...
Igama lebamba lophendulayo ISignesha yebamba lophendulayo:...
Ngilifundisisile kumbe ngazibonela ngokwami efundelwa ngokucophelela ifomu lemvume ongase abe yibamba loMphenduli mibuzo, kanti yena uye waba nalo ithuba lokubuza imibuzo. Ngiyaqinisekisa ukuthi lo muntu uyinikeze ngokuzikhethela imvume.
Umbuzi mibuzo: Usuku: ... / ... /...
